UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Indlela Inkonzo Yokusiza Ebasize Ngayo ECaribbean
Namuhla, njengasekhulwini lokuqala, sinelungelo lokubonisa ukuthi siyawathanda amaKristu esikanye nawo avelelwe izinhlekelele. (Joh 13:34, 35) Bukela ividiyo ethi Izenzo Ezibonisa Uthando—Umsebenzi Wokusiza Eziqhingini ukuze ubone indlela amaKristu asiza ngayo abafowabo nodadewabo abahlala eCaribbean, bese uphendula le mibuzo elandelayo:
Abafowethu baseCaribbean bathinteka kanjani lapho kugadla iSiphepho u-Irma neSiphepho uMaria?
UJehova wawasebenzisa kanjani amanye amaKristu ukuze asize abafowethu baseCaribbean?
Labo abahlaselwa isiphepho bazizwa kanjani lapho bebona abafowabo abaningi bebabonisa uthando?
Bangaki abafowethu nodadewethu abaye basiza lapho kuvele inhlekelele eCaribbean?
Iyiphi indlela sonke esingasiza ngayo lapho kuvele inhlekelele?
Le vidiyo ikwenze wazizwa kanjani ngokuba ingxenye yale nhlangano enothando?