Meyi 20-26
2 KORINTE 11-13
INgoma 3 Nomthandazo
Amazwi Okuvula (3 imiz. noma ngaphansi)
AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU
“UPawulu ‘Wayeneva Enyameni’”: (10 imiz.)
2Ko 12:7—UPawulu wabhekana nenkinga ebeleselayo eyayifana neva elalilokhu limhlaba (w08 6/15 3-4)
2Ko 12:8, 9—UJehova wakhetha ukungasiphenduli isicelo sikaPawulu sokususa lelo va (w06 12/15 24 ¶17-18)
2Ko 12:10—UPawulu wakwazi ukufeza isabelo sakhe ngokuncika emoyeni ongcwele kaNkulunkulu (w18.01 9 ¶8-9)
Ukumba Sifuna Ingcebo Engokomoya: (8 imiz.)
2Ko 12:2-4—Kungenzeka liyini ‘izulu lesithathu’ kanye ‘nepharadesi’? (w18.12 8 ¶10-12)
2Ko 13:12—Yini ngokusobala ‘eyayiwukwanga okungcwele’? (it-2-E 177)
Ukufundwa kweBhayibheli kwaleli sonto kukufundiseni ngoJehova?
Iyiphi enye ingcebo oyithole ekufundweni kweBhayibheli kwaleli sonto?
Ukufundwa KweBhayibheli: (4 imiz. noma ngaphansi) 2Ko 11:1-15 (th isifundo 5)
YIBA UMSHUMAYELI NOMFUNDISI ONGCONO ENSIMINI
Ividiyo Ebonisa Lapho Ubuyela Okokuqala: (5 imiz.) Dlala ividiyo bese nixoxa ngayo.
Lapho Ubuyela Okokuqala: (3 imiz. noma ngaphansi) Sebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho. (th isifundo 2)
Lapho Ubuyela Okokuqala: (4 imiz. noma ngaphansi) Qala ngokusebenzisa ingxenye ethi Ongase Uxoxe Ngakho, bese wethula incwadi ethi Lingasifundisani. (th isifundo 4)
UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
“Ungaphumelela Ngisho Noma ‘Uneva Enyameni’!”: (15 imiz.) Ingxoxo. Dlala ividiyo ethi “Amehlo Ezimpumputhe Ayovulwa”. Tshela izilaleli ukuthi izincwadi zezimpumputhe noma zabangaboni kahle ziyatholakala nge-braille nangezinto ezilalelwayo ngezilimi ezingu-47. Abamemezeli kufanele bafake i-oda yalezi zincwadi encekwini yezincwadi. Bakhuthaze bonke ukuba bakuphaphamele futhi bakulungele ukusiza noma ubani ongaboni kahle ebandleni noma ensimini.
ISifundo SeBhayibheli Sebandla: (30 imiz.) cf isahl. 8 ¶1-9
Ukubukeza Okulandelwa Amabal’ engwe Angesonto Elizayo (3 imiz.)
INgoma 68 Nomthandazo