AMAGUGU ASEZWINI LIKANKULUNKULU | JOHANE 13-14
“Nginibekela Isibonelo”
Lapho uJesu egeza izinyawo zabaphostoli bakhe, wayebafundisa ukuthi bathobeke futhi benzele abafowabo imisebenzi ephansi.
Ngingabonisa kanjani ukuthi ngithobekile lapho . . .
kuba nezingxabano noma kuba nokungaboni ngaso linye?
ngelulekwa noma ngikhuzwa?
iHholo LoMbuso lidinga ukuhlanzwa noma ukulungiswa?