UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
AmaKristu Angempela Abonakala Ngothando—Gwema Ukuzicabangela Wena Futhi Ungacasuki Kalula
KUNGANI KUBALULEKILE: UJesu wafundisa ukuthi abafundi bakhe babeyobonakala ngothando. (Joh 13:34, 35) Ukuze sibonise uthando olufana nolukaKristu, kumelwe sikhathalele abanye futhi sigweme ukucasuka kalula.—1Ko 13:5.
INDLELA YOKUKWENZA:
Lapho umuntu esho noma enza into ekuphatha kabi, yima bese ucabanga ukuthi yini ebangele lokho nokuthi yini engenzeka uma ungasabela kabi.—IzA 19:11
Khumbula ukuthi sonke sinesono futhi ngezinye izikhathi sisho noma senze izinto esizisola ngazo kamuva
Lungisa ukungezwani ngokushesha
BUKELA IVIDIYO ETHI ‘YIBANI NOTHANDO PHAKATHI KWENU’— GWEMA UKUZICABANGELA WENA FUTHI UNGACASUKI KALULA, BESE UPHENDULA LE MIBUZO ELANDELAYO:
UThemba wasabela kanjani ngamawala lapho uNtokozo esikisela okuthile?
Ukuma kancane ukuze acabange kwamsiza kanjani uNtokozo ukuba angacasuki ngokushesha?
Impendulo kaNtokozo emnene yasidambisa kanjani isimo?
Lizuza kanjani ibandla uma sihlala sizolile lapho sicasulwa othile?