UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni Ukubuyela Koxoxe Naye
OKWENZA KUBALULEKE: Abantu abaningi abawulalelayo umyalezo woMbuso ngabantu abasuke bezama ukuthola iqiniso ngoNkulunkulu. (Isaya 55:6) Ukuze siqhubeke sibafundisa, kumelwe silokhu sibuyela kubo. Abantu babhekene nezinselele ezihlukahlukene, ngakho ngeke ifane indlela esibasiza ngayo. Nokho singaphumelela kakhudlwana uma silungiselela kahle, futhi siqikelela ukuthi njalo lapho sibuyela kubo, kuba nokuthile abakuzuzayo. Umgomo wethu oyinhloko kufanele ube ukuqala isifundo seBhayibheli.
INDLELA YOKUKWENZA:
Zama ukubuyela ngokushesha, mhlawumbe ngemva kwezinsuku ezimbalwa.—Math 13:19
Yiba nobungane futhi ubonise inhlonipho. Zama ukukhululeka
Qala ngokumbingelela umomotheka futhi umbize ngegama. Mkhumbuze ukuthi kungani uphinde wabuya—mhlawumbe usho ukuthi uzophendula umbuzo, umlethele umagazini omusha, uzombonisa iwebusayithi yethu, uzomdlalela ividiyo noma uzombonisa ukuthi siqhutshwa kanjani isifundo seBhayibheli. Uma ebonakala ethanda ukuxoxa ngendaba ehlukile kunaleyo obuyilungiselele, ungashintshela kuleyo ndaba.—Fil 2:4
Nisela imbewu yeqiniso etshalwe enhliziyweni yakhe ngokumfundela umBhalo, mhlawumbe nangokumshiyela okuthile kokufunda. (1Ko 3:6) Zama ukwakha ubungane
Yakha ilukuluku lengxoxo elandelayo