Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni—Ukubeka Isisekelo Sempindelo
Okwenza Kubaluleke: Lapho sithola umuntu obonisa isithakazelo, sifuna ukuphindela kuye ngesikhathi azobe esekhaya ngaso ukuze sinisele imbewu yeqiniso esiyitshalile. (1 Kor. 3:6) Ngokuvamile lokhu kudinga ukuba ngaphambi kokuba sihambe, sibeke isisekelo sempindelo ngokumbuza ukuthi singabuya nini futhi. Ngaphezu kwalokho, kuhle ukubuza umbuzo esizowuphendula lapho sibuya. Lokhu kuzokwenza umninikhaya akulangazelele ukuba sibuye, futhi uma impendulo yombuzo isencwadini esimshiyele yona, cishe uzoyifunda. Ukubeka isisekelo sengxoxo elandelayo kwenza kube lula ukwenza impindelo ngoba kakade seniyikhethile indaba enizokhuluma ngayo futhi umninikhaya uyazi ukuthi nizoxoxa ngani. Lapho siphinde simbona, singamchazela ukuthi sizophendula umbuzo esawubuza ngokudlule bese siyaqhubeka.
Zama Lokhu Phakathi Nenyanga:
Lapho ulungiselela intshumayelo yakho, lungiselela nombuzo ozowubuza ekugcineni ukuze uwuphendule lapho uphindela. Xoxela nabanye abamemezeli oshumayela nabo.