UKUPHILA NJENGAMAKRISTU
Baqeqeshe Ukuba Baqhubeke Bekhonza UJehova
Ngokuvamile, bavame ukuphumelela labo abasanda kuba abamemezeli uma beqeqeshwe zisuka nje ukuba baye njalo enkonzweni yasensimini futhi bayenze ngentshiseko. (IzA 22:6; Fil 3:16) Nanka amanye amacebiso okusiza umfundi ukuze abe nesisekelo esihle enkonzweni:
Qala ukuqeqesha umfundi ngokushesha nje ngemva kokuba esengummemezeli. (km 8/15 1) Gcizelela kumfundi ukubaluleka kokuhlela ukuya enkonzweni yasensimini masonto onke. (Fil 1:10) Khuluma izinto ezinhle ngensimu eniyenzayo. (Fil 4:8) Mkhuthaze ukuba asebenze nombonisi weqembu kanye nabanye abamemezeli ukuze azuze emakhonweni abo.—IzA 1:5; km 10/12 6 ¶3
Ngemva kokuba umfundi esebhapathiziwe, ungayeki ukumkhuthaza nokumqeqesha enkonzweni yasensimini, ikakhulukazi uma engakayiqedi incwadi ethi “Othandweni LukaNkulunkulu.” —km 12/13 7
Sebenzisa intshumayelo elula lapho usebenza nosanda kuba ummemezeli enkonzweni yasensimini. Ngemva kokuba usuzwe intshumayelo yakhe, mncome ngomusa. Mnike amacebiso azomsiza ukuba aphumelele nakakhulu enkonzweni. —km 5/10 7