Abamemezeli bahambisa incwajana ethi Izindaba Ezinhle e-Azerbaijan
Izintshumayelo Ezisikiselwe
PHAPHAMA!
Umbuzo: Singasisebenzisa kanjani isikhathi sethu ngokulinganisela?
UmBhalo: UmSh 4:6
Okuzohanjiswa: Le Phaphama! inikeza amacebiso esingawasebenzisa ngokuphathelene nokubona izinto ezibalulekile.
FUNDISA IQINISO
Umbuzo: Kungani silapha emhlabeni?
UmBhalo: IHu 37:29
Iqiniso: UNkulunkulu wadala abantu ukuba baphile phakade emhlabeni.
IZINDABA EZINHLE EZIVELA KUNKULUNKULU!
Umbuzo: Ucabanga ukuthi singazitholaphi izindaba ezinhle? [Mbonise i-video ethi Ungathanda Yini Ukuzwa Izindaba Ezinhle?]
UmBhalo: Isaya 52:7
Okuzohanjiswa: Le ncwajana isinikeza “izindaba ezinhle zokuthile okungcono” ngoba inomyalezo ovela eBhayibhelini.
ZENZELE EYAKHO INTSHUMAYELO
Sebenzisa indlela okuhlelwe ngayo izibonelo ezandulele ukuze uzakhele eyakho intshumayelo yenkonzo yasensimini.