Zisebenzise Ngokuphumelelayo Izici Zencwadi Ethi Okufundiswa IBhayibheli
Njengoba umfundi weBhayibheli efunda ukuthi lifundisani ngempela iBhayibheli futhi ekusebenzisa akufundayo, uyothuthuka futhi athele ngokomoya. (IHu. 1:1-3) Singamsiza esimfundelayo athuthuke ngokusebenzisa kahle izici eziwusizo zencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli.
Imibuzo Esekuqaleni Kwesahluko: Isahluko ngasinye siqala ngemibuzo ephendulwa kuleso sifundo. Le mibuzo ungayibuza ungalindele mpendulo ukuze wenze umfundi alangazelele ingxoxo elandelayo. Noma ungamcela aphendule umbuzo ngamunye kafushane. Uma impendulo yakhe inganembile, akudingeki uyilungise ngaleso sikhathi. Izimpendulo zakhe ziyokusiza ubone izindawo okuyodingeka umsize kuzo futhi ugcizelele.—IzAga 16:23; 18:13.
Isithasiselo: Uma umfundi ekuqonda futhi ekwamukela akufunda esahlukweni, ungamkhuthaza ukuba azifundele eyedwa isithasiselo. Esifundweni esilandelayo, ningaxoxa ngaso kafushane ukuze uqiniseke ukuthi uyakuqonda akufundile. Nokho, uma kuzomzuzisa, phakathi nesifundo kufanele nixoxe ngesithasiselo noma ngengxenye yaso ngokufunda izigaba nangokubuza imibuzo oyilungiselele kusengaphambili.
Ibhokisi Lokubukeza: Ibhokisi lokubukeza elisekugcineni kwesahluko ngasinye linezimpendulo zemibuzo esekuqaleni kwaso. Ungalisebenzisela ukuqinisekisa ukuthi umfundi uyawaqonda amaphuzu ayinhloko futhi angawachaza. Fundani impendulo ngayinye ngokuzwakalayo kanye nemiBhalo ehambisana nayo. Yibe usucela umfundi asebenzise imiBhalo ukuze achaze ukuthi kungani impendulo iyiqiniso.—IzE. 17:2, 3.