Kudingeka Silungiselele Ukuze Sifundise Ngekhono
UJesu wabuzwa okungenani kabili umbuzo ofanayo mayelana nokuphila okuphakade, kodwa isikhathi ngasinye wafanelanisa impendulo yakhe nezidingo zomuntu owayembuza. (Luka 10:25-28; 18:18-20) Ngakho, nakuba kungenzeka siyazi kahle indaba esizoyifunda, kufanele siyilungiselele kusengaphambili sicabanga ngomfundi. Yimaphi amaphuzu angase akuthole kunzima ukuwaqonda noma ukuwamukela? Yimiphi imiBhalo ekhonjiwe okufanele siyifunde naye? Kungakanani okufanele sizame ukukufunda naye? Kungase kudingeke silungiselele umfanekiso, incazelo noma uhlu lwemibuzo ukuze sisize umfundi akuqonde akufundayo. Ngaphezu kwalokho, njengoba kunguJehova okhulisa imbewu yeqiniso enhliziyweni, kufanele sicele isibusiso sakhe emizamweni yethu yokulungiselela, kwesimfundelayo nasemizamweni yethu yokumsiza ngokomoya.—1 Kor. 3:6; Jak. 1:5.