Hlanganyela “Izinto Ezinhle” Ngokungenisa Izihambi (Math. 12:35a)
Akungabazeki ukuthi sonke sifuna ukuhlanganyela nabanye “izinto ezinhle” ngokulandela “inkambo yokungenisa izihambi.” (Roma 12:13) Abadala banikezwe isiqondiso sokuba bahole kulokhu ngokuhlangabezana nezindleko zezikhulumi ezivakashile nangokuzilungiselela ukudla. Nokho, singase sinqikaze ukubonisa umoya wokungenisa izihambi ngoba siswele noma sikhathazwe ukuza kwabantu emizini yethu. Ukulalela iseluleko uJesu asinikeza uMarta kungasisiza sinqobe imizwa enjalo. (Luka 10:39-42) Wagcizelela ukuthi “isabelo esihle” sokungenisa izihambi ubudlelwano nokukhuthazana, hhayi izibiliboco noma ubukhazikhazi bendlu. Ngokusebenzisa lesi seluleko, sonke singahlanganyela nabafowethu “izinto ezinhle” ngokuvumelana neZwi likaNkulunkulu.—3 Joh. 5-8.