Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/14 k. 6
  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 12/14 k. 6

Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini

Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-December 29, 2014.

  1. Siwubheka kanjani umyalo okuDuteronomi 14:1 owenqabela ukuzisika umzimba phakathi nenkathi yokulilela umuntu ofile? [Nov. 3, w04 9/15 k. 27 isig. 5]

  2. Yayiyini injongo yokuba amakhosi akwa-Israyeli azenzele ikhophi yoMthetho kaNkulunkulu futhi ‘awufunde zonke izinsuku zokuphila kwawo’? (Dut. 17:18-20) [Nov. 3, w02 6/15 k. 12 isig. 4]

  3. Kungani kuthiwa “ungalimi ngenkabi nembongolo ndawonye,” futhi lo myalo wokuboshelwa ejokeni kwezilwane ezingalingani usebenza kanjani kumaKristu? (Dut. 22:10) [Nov. 10, w03 10/15 k. 32]

  4. Kungani kwakwenqatshelwe ukuthatha “itshe lokugaya noma imbokodo yalo njengesibambiso”? (Dut. 24:6) [Nov. 17, w04 9/15 k. 26 isig. 3]

  5. Ama-Israyeli kwakufanele alalele enasiphi isimo sengqondo, futhi yini okufanele isishukumisele ukuba sikhonze uJehova? (Dut. 28:47) [Nov. 24, w10 9/15 k. 8 isig. 4]

  6. Yiziphi izimfuneko eziyisisekelo zokuphila ezintathu ezitholakala kuDuteronomi 30:19, 20? [Nov. 24, w10 2/15 k. 28 isig. 17]

  7. Ingabe kufanele siphimisele ngokoqobo ngezwi eliphansi wonke amazwi esiwafundayo kusukela kuGenesise kuze kube sencwadini yesAmbulo? Chaza. (Josh. 1:8) [Dec. 8, w13 4/15 k. 7 isig. 4]

  8. Ubani “isikhulu sebutho likaJehova” okukhulunywa ngaso kuJoshuwa 5:14, 15, futhi le ndaba ingasikhuthaza kanjani? [Dec. 8, w04 12/1 k. 9 isig. 2]

  9. Yini eyenza ukuba u-Akhani awele esonweni, futhi thina singafundani esibonelweni sakhe esibi? (Josh. 7:20, 21) [Dec. 15, w10 4/15 kk. 20-21 izig. 2, 5]

  10. Isibonelo sikaKalebi sisikhuthaza kanjani thina namuhla? (Josh. 14:10-13) [Dec. 29, w04 12/1 k. 12 isig. 2]

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela