ISimiso Sesonto Lika-December 29
ISONTO ELIQALA NGO-DECEMBER 29
INgoma 37 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 18 ¶1-8 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Joshuwa 12-15 (10 imiz.)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini (20 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
Isihloko Senyanga: Khipha “izinto ezinhle” emcebweni omuhle esiphathiswe wona.—Math. 12:35a.
20 imiz: Qhubekani Nifundisa Abafundi BeBhayibheli Nezingane Ezikholwayo “Izinto Ezinhle.” (Math. 12:35a) Ingxoxo. Sebenzisa imiBhalo elandeyo ukuze ubonise lokho okufanele sikulindele kubafundi beBhayibheli nezingane ezikholwayo: 1 Korinte 13:11; 1 Petru 2:2, 3. Chaza ukuthi kusho ukuthini ‘ukunambitha’ ‘ubisi olungolwezwi’ nokuthi singazisiza kanjani izifundo nezingane zethu ukuba zenze lokhu. Chaza isimiso esikuMarku 4:28. (Bheka INqabayokulinda ka-December 15, 2014, k. 12, izig. 6-8.) Xoxa nommemezeli ongumakadebona noma umzali ongachaza ukuthi umsize kanjani umuntu amfundelayo noma ingane yakhe ukuba ithuthuke ngokomoya.—Efe. 4:13-15; bheka Ibhokisi Lemibuzo kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-May 2014.
10 imiz: “Hlanganyela ‘Izinto Ezinhle’ Ngokungenisa Izihambi (Math. 12:35a).” Ingxoxo. Yiziphi izinzuzo noma okuhlangenwe nakho abanye abakuthole ngokungenisa izihambi? Cela izilaleli zisho indlela esingabonisa ngayo abanye umoya wokungenisa izihambi, ikakhulukazi labo abasenkonzweni yesikhathi esigcwele. Yisho amalungiselelo ebandla okumemela isikhulumi esivakashile ngasinye esidlweni.
INgoma 124 Nomthandazo