ISIHLOKO SENYANGA: “SHUMAYELA IZWI, UBE KULO UNOMUZWA WOKUPHUTHUMA.”—2 THIM. 4:2.
Wasebenzise Amathuba Okusakaza Isigijimi SoMbuso!
1. Yisiphi isifundo esingasifunda esibonelweni sikaDavide?
1 INkosi uDavide ayizange ivumele izimo zayo ukuba ziyithikameze. Ngokwesibonelo, uDavide wayefuna ukwakhela uJehova indlu. Lapho enqatshelwa ukuba enze kanjalo, uDavide wahlela kabusha imigomo yakhe futhi wasiza ngokutholela uSolomoni izinto zokwakha ithempeli. (1 AmaKh. 8:17-19; 1 IziKr. 29:3-9) Kunokuba agxile kulokho ayengeke akwazi ukukwenza, wagxila kulokho ayengakwazi ukukwenza. Singasilingisa kanjani isibonelo sikaDavide njengoba sifuna izindlela zokusakaza isigijimi soMbuso?
2. Yikuphi ukuzihlola esingakwenza?
2 Yenza Lokho Okwazi Ukukwenza: Abaningi benze ukuphila kwabo kwaba lula ukuze babe amaphayona asizayo noma avamile. (Math. 6:22) Ungakwazi yini wena ukuba iphayona? Njengoba ucabangela izimo zakho ngomthandazo, ungase ubone “umnyango omkhulu oholela emsebenzini” ukuvulekele. Uma kunjalo, lisebenzise lelo thuba!—1 Kor. 16:8, 9.
3. Yimaphi amathuba okufakaza esingawasebenzisa ngisho noma izimo zethu zingasivumeli ukuba siphayone?
3 Kuthiwani-ke uma izimo zakho zingakuvumeli ukuba uphayone? Ungawashalazeleli amanye amathuba akuvulekele. Ngokwesibonelo, uma usebenza nabantu abangakholwa, kunganjani usebenzise ithuba elivelayo ukuze ufakaze kubo? Noma, uma unezinkinga zempilo, ungawasebenzisa yini amathuba okufakaza ezisebenzini zasesibhedlela? Khumbula ukuthi kunelungiselelo lokuba labo abangakwazi ukwenza okuningi ngenxa yeminyaka noma izinkinga ezinkulu zempilo babike imizuzu engu-15 enkonzweni yasensimini. Lapho ubhala umbiko wakho wenkonzo yasensimini wanyanga zonke, qiniseka ukuthi uyasibhala isikhathi osichithe ushumayela ngokwethukela nanoma iziphi izincwadi ozihambisile kuhlanganise namapheshana nezimemo zeSikhumbuzo nezemihlangano. Iyokumangaza indlela lawo mathuba angase abonakale emancane ahlangana ngayo abe isikhathi esiningi!
4. Yini ozimisele ukuyenza?
4 Kungakhathaliseki ukuthi izimo zethu zinjani, masisebenzise wonke amathuba ukuze sisakaze izindaba ezinhle. Ngaleyo ndlela siyothola ukwaneliseka ngokwazi ukuthi senza konke esingakwenza ngenxa yoMbuso.—Marku 14:8; Luka 21:2-4.