Vula Amathuba Okushumayela
1 Ibandla lobuKristu lakhiwa abantu abanezimo ezihlukahlukene kakhulu. Kodwa simunye emgomweni wethu wokudumisa uJehova. (IHu. 79:13) Uma impilo ebuthaka noma ezinye izimo eziyinselele zilinganisela ukuhlanganyela kwethu ekumemezeleni izindaba ezinhle, singawavula kanjani amathuba okushumayela?
2 Ekuphileni Kwansuku Zonke: UJesu wayebamba amathuba ukuze ashumayele lapho ehlangana nabantu nsuku zonke. Wakhuluma noMathewu lapho edlula ehhovisi lentela, wakhuluma noZakewu lapho esohambweni futhi wakhuluma nowesifazane waseSamariya lapho esaziphumulele. (Math. 9:9; Luka 19:1-5; Joh. 4:6-10) Ekuphileni kwansuku zonke, nathi singakwazi ukuguqula ingxoxo evamile siyenze intshumayelo. Ukuhlala sihlome ngeBhayibheli namapheshana noma izincwajana, kuyosikhuthaza ukuba sikulungele njalo ukukhuluma ngethemba lethu.—1 Pet. 3:15.
3 Ingabe indlela ohlanganyela ngayo emsebenzini wendlu ngendlu ilinganiselwe ngenxa yokuthi awukwazi ukuhamba? Waqaphele amathuba avulekayo okushumayela kuzo zonke izisebenzi zezokwelapha ezikuvakashelayo nakwabanye abantu ohlangana nabo. (IzE. 28:30, 31) Uma ngokuvamile izimo zikwenza uvaleleke ekhaya, uke wakuzama yini ukufakaza ngocingo noma ngokubhala incwadi? Omunye udade uwabhalela njalo amalungu omndeni wakubo angebona oFakazi. Kulezo zincwadi, ufaka namaphuzu akhuthazayo avela eBhayibhelini nalokho aye wahlangabezana nakho lapho efakaza.
4 Emsebenzini Noma Esikoleni: Isifiso sethu sokudumisa uJehova siyosishukumisela nasekubeni sivule amathuba okutshala imbewu yeqiniso emsebenzini noma esikoleni. Ummemezeli othile oneminyaka engu-8 ubudala waxoxela izingane afunda nazo ekilasini ngalokho akufunda kuyi-Phaphama! ngokuphathelene nenyanga. Ngemva kokuzwa ukuthi wayekutholephi lokhu kwaziswa, uthisha waqala ukuyamukela njalo INqabayokulinda ne-Phaphama! Emsebenzini, ukubeka enye yamakhophi ezincwadi zethu endaweni abanye abangayibona kuyo kungavusa imibuzo futhi kuholele entshumayelweni.
5 Zikhona yini izindlela ozicabangayo ongavula ngazo amathuba okushumayela ekuphileni kwakho kwansuku zonke? Kwangathi usuku ngalunye singalwela ‘ukunikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokudumisa,’ ngokubamba wonke amathuba asivulekelayo.—Heb. 13:15.