ISimiso Sesonto Lika-October 13
ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 13
INgoma 8 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 14 ¶10-15 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Duteronomi 4-6 (10 imiz.)
No. 1: Duteronomi 4:29-43 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ushintsho Okumelwe Silwenze Ukuze Sijabulise UNkulunkulu—rs k. 234 ¶1-3 (5 imiz.)
No. 3: Lokho IBhayibheli Elikushoyo Ngobungqingili—rs k. 233 ¶3-5 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Kusho Ukuthini Ukushumayela Unomuzwa Wokuphuthuma? Inkulumo enikezwa ngomdlandla eqokomisa eyesi-2 Thimothewu 4:2. Sebenzisa ukwaziswa okukuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 2012, amakhasi 16-17, izigaba 7-9.
10 imiz: Kungani Ukushumayela Kwethu Kuphuthuma? Inkulumo enikezwa umdala esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 2012, amakhasi 15-16, izigaba 3-6, namakhasi 17-18, izigaba 14-18. Gcizelela indlela ukusebenzisa iziqondiso ezisezihlokweni eziwuchungechunge ze-Nkonzo YoMbuso ezithi “Ukuthuthukisa Amakhono Ethu Enkonzweni” okungasisiza ngayo ukuba sishumayele sinomuzwa wokuphuthuma.
15 imiz: “Wasebenzise Amathuba Okusakaza Isigijimi SoMbuso!” Imibuzo nezimpendulo. Lapho nixoxa ngesigaba 3, cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho ezikuthole lapho zishumayela ngokwethukela. Phetha ngokuhlobanisa le ndaba nesihloko senyanga. Khuthaza izilaleli ukuba zifunde izihloko ezimbili ezithi “Ingxoxo Nomakhelwane” okuzoxoxwa ngazo eMhlanganweni Wenkonzo wangesonto elizayo.
INgoma 97 Nomthandazo