ISimiso Sesonto Lika-September 29
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 29
INgoma 69 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 13 ¶19-23, nebhokisi ek. 137 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 33-36 (10 imiz.)
No. 1: Numeri 33:24-49 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ungawabukeli Phansi Amandla KaDeveli—rs k. 404 ¶1-3 (5 imiz.)
No. 3: Isimiso Sokuqondisa—“Isimiso Sokuqondisa” UNkulunkulu Asenza Sasebenza Kusukela Ngo-33 C.E.—w12 7/15 k. 27 ¶3-4 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Qala Isifundo SeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala. Ingxoxo. Kusetshenziswa intshumayelo esikiselwe esekhasini 4, makube nomboniso wokuthi isifundo singaqalwa kanjani ngoMgqibelo wokuqala ku-October. Bakhuthaze bonke ukuba babe nengxenye.
10 imiz: Yini Esiyifundayo? Ingxoxo. Makufundwe izEnzo 4:13 neyesi-2 Korinte 4:1, 7. Xoxani ngokuthi la mavesi angasisiza kanjani enkonzweni.
10 imiz: Xoxa Nomxhumanisi Wendikimba Yabadala. Ukufeza isabelo sakho kuhilelani? Iziphi izici ozicabangelayo lapho wabela abazalwane izingxenye zoMhlangano Wenkonzo? Kungani umxhumanisi kungamelwe abhekwe njengophethe indikimba yabadala noma ibandla?
INgoma 4 Nomthandazo