Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 9/14 k. 3
  • Sebenzisa I-jw.org Enkonzweni Yakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Sebenzisa I-jw.org Enkonzweni Yakho
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingosi Yethu Esemthethweni—Ihlelelwe Ukuzuzisa Thina Nabanye
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Sebenzisa Ingosi Yethu Enkonzweni—“Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli”
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
  • Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
    Singazitholaphi Izimpendulo Zemibuzo Ebalulekile Ekuphileni?
  • Usizo Lukhona
    I-Phaphama!—2020
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2014
km 9/14 k. 3

Sebenzisa I-jw.org Enkonzweni Yakho

Ingosi yethu iyithuluzi eliwusizo ekusisizeni ukuba sisakaze izindaba ezinhle “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzE. 1:8) Abaninikhaya abaningi abakwazi ukuzitholela ngokwabo i-jw.org. Kunalokho, bayibona ngemva kokuba ummemezeli ebabonise yona. Nokho, ngaphambi kokuba usebenzise umakhalekhukhwini noma i-tablet yakho enkonzweni, bheka ukuthi kuphephile yini. Hlale uqaphile ezindaweni ezigcwele ubugebengu. Uma ungenawo umakhalekhukhwini noma i-tablet, ngomusa cela ukubonisa umninikhaya i-jw.org kumakhalekhukhwini noma kuyi-tablet yakhe.

Umbonisi ojikelezayo othile udawunilode i-video ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli? kumakhalekhukhwini wakhe futhi uyibonisa abantu njalo lapho ethola ithuba. Ngokwesibonelo, lapho esendlini ngendlu, uthi: “Ngivakashela abantu kafushane ukuze ngibasize bathoIe izimpendulo zemibuzo emithathu ebalulekile: Kungani umhlaba ugcwele izinkinga kangaka? UNkulunkulu uzozilungisa kanjani? Futhi okwamanje singabhekana kanjani nazo? Le video emfushane iphendula leyo mibuzo.” Ube eseyidlala, abuke indlela umninikhaya asabela ngayo. Le video ikhanga kangangokuba abantu abaningi bayibuka ize iphele. Lo mbonisi ojikelezayo ube esethi: “Uzwile ukuthi ungazicelela isifundo seBhayibheli kuyi-Internet. Njengoba sengilapha, ngingakubonisa kafushane ukuthi siqhutshwa kanjani.” Uma umninikhaya evuma, usebenzisa incwajana ethi Izindaba Ezinhle ukuze ambonise ukuthi isifundo siqhutshwa kanjani. Uma umninikhaya engenaso isikhathi, uhlela ukumbonisa lapho ephindela kuye. Lapho eya esitolo esidayisa ikhofi ukuze athathe ikhefu, usho into efanayo kumuntu ohlezi eceleni kwakhe ngemva kokuqala ingxoxo yobungane. Ingabe wena uyayisebenzisa i-jw.org enkonzweni yakho?

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela