ISimiso Sesonto Lika-September 22
ISONTO ELIQALA NGO-SEPTEMBER 22
INgoma 9 Nomthandazo
ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl isahl. 13 ¶11-18 (30 imiz.)
ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Numeri 30-32 (10 imiz.)
No. 1: Numeri 32:16-30 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Okwenza Ukuba UNkulunkulu Angambhubhisi USathane Ngokushesha Ngemva Kokuhlubuka Kwakhe—rs k. 403 ¶1-2 (5 imiz.)
No. 3: Isimiso Sokuqondisa Kusukela Ku-Adamu Kuya Ekhulwini Lokuqala—w02 8/1 k. 9 ¶3-7; w97 5/15 k. 15 ¶1-6 (5 imiz.)
UMhlangano Wenkonzo:
15 imiz: Ukuphila Okucebile Kwesithunywa Sevangeli. (IzAga 10:22) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2014, ikhasi 123, isigaba 2, kuya ekhasini 127, isigaba 3; nasekhasini 169. Cela iziIaleli zisho izifundo ezizitholile.
15 imiz: “Sebenzisa I-jw.org Enkonzweni Yakho.” Ingxoxo. Makube nomboniso wentshumayelo esesigabeni 2. Yibe usubuza izilaleli: Kuzuzisa ngani ukuyidawuniloda le video sibe nayo kuyi-tablet noma kumakhalekhukhwini? Kungani ngokuvamile kungcono ukuvele udlalele umninikhaya le video ngaphandle kokuba nesethulo eside noma ukucela imvume yakhe? Yikuphi okuhlangenwe nakho enikutholile lapho nisebenzisa le video ensimini? Phetha ngokukhuthaza abamemezeli ukuba bajwayelane nezici ezihlukahlukene ze-jw.org nokuba bayisebenzise le ngosi enkonzweni yabo.
INgoma 84 Nomthandazo