I-video Entsha Yokuqala Izifundo ZeBhayibheli
I-video emfushane enesihloko esithi “Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli”? ifinyelela abantu abaningi engosini ethi jw.org. Le video ihloselwe ukushukumisa abantu abanesithakazelo ukuba bamukele isifundo seBhayibheli samahhala. Itholakala ngokuchofoza isihloko esithi “Cela Isifundo SeBhayibheli” esisekugcineni kwekhasi lokuqala lale ngosi noma ungene ngekhodi (QR code) etholakala ngemuva kwepheshana ngalinye kulawa amasha. Nazi ezinye izindlela esingayisebenzisa ngayo ngokuphumelelayo le video.
Lapho wenza impindelo, yithi kumninikhaya: “Ngicela ukukubonisa i-video emfushane echaza indlela ongathola ngayo izimpendulo zemibuzo yeBhayibheli onayo.” Uma evuma, mbonise i-video kumakhalekhukhwini noma kuyi-tablet noma umbonise yona kuyi-computer yakhe.
Uma sihambisa elinye lamapheshana amasha lapho sishumayela obala noma ngokwethukela, masibonise umuntu i-QR code futhi simkhuthaze ukuba enze i-scan ngomakhalekhukhwini noma nge-tablet yakhe. Njengoba ezilimini eziningi i-QR code ikuyisa ngokuqondile kuyi-video esengosini yethu, singakwazi ukuyidlala ngaso leso sikhathi kumakhalekhukhwini noma kuyi-tablet.
Xoxela osebenza nabo, ofunda nabo, izihlobo nabanye obaziyo ngale video futhi ucele ukubabonisa yona. Noma bathumelele nge-e-mail i-link ye-video, ubacele bazibukelele yona.
Ngokusebenzisa leli lungiselelo elisha, singakwazi ukuqala izifundo zeBhayibheli ezengeziwe, sibasize ngokomoya labo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’—IzE. 13:48.