IZaziso
◼ Isipho sika-December: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? noma Ungathanda Ukwazi Iqiniso? Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! Ngo-January nango-February 2014: Hambisa incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! nanoma iyiphi enye incwajana ehanjiswa ensimini ibandla elinayo esitokweni. Lapho wenza izimpindelo, yethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, noma uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezidingo zomuntu, uhambise incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! noma ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese uzama ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-March nango-April 2014: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho wenza izimpindelo, yethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, noma uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezidingo zomuntu, uhambise incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! noma ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese uzama ukuqala isifundo seBhayibheli.
◼ ISikhumbuzo sika-2015 siyoba ngoLwesihlanu, April 3, 2015.
◼ Siyajabula ukunibikela ukuthi amabandla amabili athokozele ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso awo amasha. ELimpopo: IBakenberg. EMpumalanga: INu-Ermelo.
◼ Umkhankaso wensimu engabelwe ka-2014 uzoba ngo-March, April nango-May. Abadala bakhuthazwa ukuba benze amalungiselelo kusenesikhathi futhi badamane bebazisa abamemezeli ukuthi bazosebenza kuyiphi insimu engabelwe futhi nini.
◼ Abazali bakhuthazwa ukuba basebenzise ukusikisela okukuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-July 2013, ikhasi 4, ekukhulekeleni komkhaya ukuze bacijele izingane zabo izinselele ezizohlangabezana nazo ngonyaka ozayo esikoleni.