Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/13 k. 8
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Izintshumayelo Eziyisibonelo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 12/13 k. 8

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-January

“Iningi labantu linowalo umbono ngoNkulunkulu. Abanye bacabanga ukuthi uNkulunkulu ungamandla angaqondakali. Abanye bambheka njengoBaba wasezulwini onothando. Wena ucabanga ukuthi uNkulunkulu unjani?” Lindela impendulo. Mbonise ikhasi elingemuva le-Nqabayokulinda ka-January 1, bese nixoxa ngendaba engaphansi kombuzo wokuqala kanye nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini bese uhlela ukubuyela ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda January 1

“Sinivakashele kafushane ukuze sixoxe ngokuthile okusithinta sonke—ukushonelwa umuntu esimthandayo. Uyavuma yini ukuthi ukushonelwa umngane noma isihlobo osithandayo kuphakathi kwezinto ezinzima kakhulu ukubhekana nazo? [Lindela impendulo.] Abaningi liye labaduduza leli vesi leBhayibheli. [Funda u-Isaya 25:8.] Lo magazini ukhuluma ngesithembiso seBhayibheli esiduduzayo sokuqeda ukufa nokuvusa abafileyo.”

Phaphama! January

“Uyavuma yini ukuthi imindeni inezingcindezi eziningi namuhla? [Lindela impendulo.] Lesi saga seBhayibheli sisitshela lokho imindeni okumelwe ibe nakho ukuze yakhe futhi iqinise imindeni yayo. [Funda izAga 24:3.] Abaningi bathole ukuthi iBhayibheli linokuhlakanipha abangathembela kukho. Lo magazini ukhuluma ngengosi eyingqayizivele esekelwe eBhayibhelini enamathuluzi amahhala okusiza imindeni.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela