ISimiso Sesonto Lika-January 6
ISONTO ELIQALA NGO-JANUARY 6, 2014
INgoma 132 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
cl k. 3 nesahl. 1, ¶1-9 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Genesise 1-5 (10 imiz.)
No. 1: Genesise 4:1-16 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Amalungu Enkolo Eqondile Angofakazi Abakhuthele Ngokuqondene NoMbuso KaNkulunkulu—rs k. 107 ¶3 (5 imiz.)
No. 3: U-Aroni—Izindlela U-Aroni Aba Ngazo Yisibonelo Esihle KumaKristu—w11 7/15 k. 31-2 ¶16-17 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-January. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaza ukuthi kungani omagazini beyobakhanga abantu ensimini yenu. Usebenzisa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele imibuzo evusa isithakazelo engabuzwa. Yibe usucela ukusikisela komBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nange-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma yimuphi kulab’ omagazini. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
10 imiz: Izidingo Zebandla.
10 imiz: Yini Esiyifundayo? Ingxoxo. Makufundwe eyoku-1 Korinte 9:19-23. Cabangelani indlela la mavesi angasisiza ngayo ensimini yethu.
INgoma 7 Nomthandazo