Indlela Yokulungiselela Izethulo Eziphumelelayo
1. Kubaluleke kangakanani ukuba nesethulo esihle?
1 Njengoba nje ukudla okumnandi okuvula inhliziyo kwakha ukulangazelela ukudla okuzolandela, nesethulo esihle sivula indlela yengxoxo emnandi engokomBhalo. Izethulo eziphumelelayo zingehluka ngobude nangalokho esikushoyo, kepha njengokudla okuconsisa amathe, ngaso sonke isikhathi kudingeka zicatshangwe futhi zilungiselelwe kusengaphambili. (IzAga 15:28) Yini eyenza isethulo siphumelele?
2. Singasilungiselela kanjani isethulo esithakazelisayo?
2 Khetha Izihloko Ezithakazelisayo: Izethulo zethu kumelwe zivuse isithakazelo, ngale kwalokho umninikhaya angase ayinqamule ingxoxo. Ngakho lapho ulungiselela, cabanga ngezinto ezithakazelisa abantu endaweni yakini. Ingabe abantu bafisa uhulumeni ongcono, ukuphila komkhaya okujabulisayo noma ukuqedwa kwezimpi? Abantu ngokuvamile bayathanda ukuveza umbono wabo, ngakho lungiselela umbuzo oshukumisa ingqondo ofuna umbono wabo. Ungakwazi yini ukusebenzisa esinye sezethulo eziyisibonelo ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso usivumelanise nensimu yenu? Kunganjani ngezikhathi ezithile niprakthize ezinye zezethulo ngobusuku bokuKhulekela Komkhaya?
3. Singasivumelanisa kanjani isethulo sethu namasiko nesizinda sabantu abasensimini yethu?
3 Cabangela Amasiko Nesizinda: Kwezinye izindawo kulindeleke ukuba lapho nje sifika, sisho esize ngakho. Kanti kwezinye, kuyindelelo uma isivakashi singaqale sibuze impilo yomninikhaya futhi mhlawumbe simtshele okuthile ngaso. Kwezinye izindawo isizinda esingokwenkolo sabantu siyasivumela ukuba sibhekisele eBhayibhelini ngokukhululekile lapho sethula indaba yethu. (IzE. 2:14-17) Nokho, lapho abantu besenkolweni engeyona eyobuKristu noma bengasonti nhlobo, kungase kube ngcono ukukhuluma ngeBhayibheli ekuhambeleni okulandelayo kunokukhuluma ngalo zisuka nje.—IzE. 17:22-31.
4. Yini okufanele siyiqaphele ngamazwi esiwasho ekuqaleni kwesethulo sethu?
4 Amazwi Esiwasho Ekuqaleni: Walungiselele ngokucophelela amazwi ozowasho ekuqaleni. Imisho emifushane nelula ivame ukusebenza. Indlela esibeka ngayo lokho esizokusho ekuqaleni nayo ibalulekile. Yiba nomdlandla. Momotheka ngendlela ebonisa ubuqotho nobungane ukuze umninikhaya abone ukuthi unesithakazelo kuye. Ukulandela lokhu kusikisela kuyosisiza silungiselele izethulo ezimnandi eziyokhuthaza abantu ensimini yethu ukuba badle “etafuleni likaJehova.”—1 Kor. 10:21.