IZaziso
◼ Isipho sika-November: I-Kingdom News No. 38 ethi “Ingabe Abafileyo Bangaphinde Baphile Ngempela?” Uma amakhophi esehanjiswe wonke ngaphambi kokuphela kwenyanga, hambisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? noma Ungathanda Ukwazi Iqiniso? Ngo-December: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? noma Ungathanda Ukwazi Iqiniso? Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! Ngo-January nango-February 2014: Hambisa incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! nanoma iyiphi enye incwajana ehanjiswa ensimini ibandla elinayo esitokweni. Lapho wenza izimpindelo, yethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli, noma uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezidingo zomuntu, uhambise incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! noma ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese uzama ukuqala isifundo seBhayibheli.
◼ Siyajabula ukunazisa ukuthi amabandla amane aye athokozela ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso awo amasha. EGauteng: IHartbeespoort. ELimpopo: IMashobohleng. EMpumalanga: INaboomkoppies. EWestern Cape: ILanga.