Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-December
“Abantu abaningi bafuna ukuba uJesu abuye. Ukube uJesu ubengabuya, yini obungathanda ayenze?” Lindela impendulo. Mbonise isembozo esingemuva se-Nqabayokulinda ka-December 1, bese nixoxa ngalokho okushiwo ngaphansi kombuzo wokuqala nomBhalo okungenani owodwa kwekhonjiwe. Mhambisele omagazini, bese uhlela ukubuya ukuze nixoxe ngombuzo olandelayo.
INqabayokulinda December 1
“Ukuphila kumatasa kakhulu kulezi zinsuku kangangokuthi kungaba nzima ukucabanga ngoNkulunkulu. Ucabanga ukuthi kubalulekile ukuba noNkulunkulu ekuphileni kwethu? [Lindela impendulo.] Entshumayelweni kaJesu edumile yaseNtabeni, wathi sidinga izimiso ezingokomoya ukuze sijabule ngempela. [Funda uMathewu 5:3.] Lo magazini unikeza izizathu ezintathu zokuthi kungani simdinga uNkulunkulu.”
Phaphama! December
“Iningi lethu lifinyelela iziphetho ngokwalokho esikuzwa nesikufunda emithonjeni yezindaba. Ucabanga ukuthi izindaba esizitholayo zinembile futhi ziyiqiniso? [Lindela impendulo.] IBhayibheli litusa ukuba siqaphe uma kuziwa ekwethembeni izinto esizizwayo. [Funda uJobe 12:11.] Lo magazini usinika amacebiso okusisiza sihlole amazwi esiwezwayo nesiwafundayo.”