Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo kuzoxoxwa ngayo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-October 28, 2013.
1. Kusho ukuthini ukuba ‘nomqondo kaKristu’? (1 Kor. 2:16) [Sept. 2, w08 7/15 k. 27 isig. 7]
2. ‘Sibubalekela’ ngaziphi izindlela “ubufebe”? (1 Kor. 6:18) [Sept. 2, w08 7/15 k. 27 isig. 9; w04 2/15 k. 12 isig. 9]
3. Wayesho ukuthini uPawulu lapho ethi “abesifazane mabathule emabandleni”? (1 Kor. 14:34) [Sept. 9, w12 9/1 k. 9, ibhokisi]
4. Amazwi kaPawulu akweyesi-2 Korinte 1:24 kufanele abathinte kanjani abadala namuhla? [Sept. 16, w13 1/15 k. 27 izig. 2-3]
5. Angasiqondisa kanjani amazwi akweyesi-2 Korinte 9:7? [Sept. 23, g 5/08 k. 21, ibhokisi]
6. Singazuza kanjani ngokunaka iseluleko sikaPawulu esikweyabaseGalathiya 6:4? [Sept. 30, w12 12/15 k. 13 isig. 18]
7. Kusho ukuthini “ukugcina ubunye bomoya”? (Efe. 4:3) [Oct. 7, w12 7/15 k. 28 isig. 7]
8. UPawulu wazizwa kanjani ngezinto ayezishiye ngemuva? (Fil. 3:8) [Oct. 14, w12 3/15 k. 27 isig. 12]
9. Sisho ukuthini lesi seluleko: “Masingalali njengoba kwenza bonke abanye”? (1 Thes. 5:6) [Oct. 21, w12 3/15 k. 10 isig. 4]
10. Ukufa kukaJesu okuwumhlatshelo ‘kwakuyisihlengo esihambelanayo’ ngamuphi umqondo? (1 Thim. 2:6) [Oct. 28, w11 6/15 k. 13 isig. 11]