ISimiso Sesonto Lika-October 28
ISONTO ELIQALA NGO-OCTOBER 28
INgoma 31 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jl k. 3 neZifundo 1-2 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: 1 Thimothewu 1-6–2 Thimothewu 1-4 (10 imiz.)
Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini (20 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: “Uzobe Wenzani Ngamaholidi?” Inkulumo.
10 imiz: Gcizelela Ukuba Usizo Kwezindaba Ezinhle. Ingxoxo esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, ikhasi 159. Makube nomboniso wendlela incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli engahanjiswa ngayo kusetshenziswa indaba ekhathaza abantu ensimini.
15 imiz: Ukubaluleka Kokugcina Isikhathi. Ingxoxo. (1) UJehova usibekela kanjani isibonelo esihle sokugcina isikhathi? (Hab. 2:3) (2) Ukugcina kwethu isikhathi semihlangano nenkonzo yasensimini kuyibonisa kanjani inhlonipho ngoJehova nokucabangela abanye? (3) Lithinteka kanjani iqembu eliya ensimini nomqhubi lapho sifika sekwephuzile emhlanganweni wenkonzo yasensimini? (4) Uma sitshela umuntu onesithakazelo noma esimfundelayo ukuthi sizobuya ngesikhathi esithile, kungani kubalulekile ukufika ngesikhathi? (Math. 5:37) (5) Yikuphi ukusikisela okuyosisiza ukuba sigcine isikhathi esivumelane ngaso nomuntu ensimini nesemihlangano yebandla?
INgoma 69 Nomthandazo