Uzobe Wenzani Ngamaholidi?
Ngenxa yokuthi abantu abaningi abasebenzi basemakhaya ngamaholidi enkolo nawesizwe, ngokuvamile lezi yizikhathi ezikahle zokuhlanganyela ensimini. Amabandla akhuthazwa ukuba enze amalungiselelo akhethekile okushumayela ngamaholidi. Uma abaningi ensimini bezokwephuza ukuvuka, kungakuhle kushintshwe isikhathi somhlangano wenkonzo yasensimini. Kungase kwenziwe isaziso eMhlanganweni Wenkonzo, kwaziswe ibandla nganoma yimaphi amalungiselelo akhethekile okufakaza ngamaholidi futhi kukhuthazwe bonke abangakwazi ukuba babe nengxenye. Yiqiniso, amaholidi asinikeza nesikhathi sokuphumula noma sokwenza izinto zomuntu siqu. Kodwa kungani ungabekeli eceleni ingxenye yosuku ukuze uye ensimini? Uma wenza kanjalo uyothola ukuqabuleka okubangelwa ukuhlanganyela enkonzweni engcwele.—Math. 11:29, 30.