IZwi LikaNkulunkulu Linamandla
1. Sithini isihloko somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2014?
1 Ngokungafani nanoma yini esungulwe abantu abangaphelele, iBhayibheli linamandla okusiguqula, lenze imicabango nezindlela zethu kuvumelane nentando kaJehova. Linamandla kangakanani konje iZwi likaNkulunkulu? Singalisebenzisa kanjani ngokugcwele ekuphileni kwethu? Singalisebenzisa kanjani ngokuphumelela ngokwengeziwe ukuze sisize abanye? Siyaqiniseka ukuthi nonke niyokwakheka ngokomoya lapho kuchazwa la maphuzu phakathi nesimiso somhlangano okhethekile wosuku olulodwa wonyaka wenkonzo ka-2014. Isihloko sawo sithi “IZwi LikaNkulunkulu Linamandla,” sithathwe kweyamaHebheru 4:12.
2. Kufanele silalele izimpendulo zamiphi imibuzo?
2 Thola Izimpendulo Zale Mibuzo: Njengoba ulalele lesi simiso, bhala izimpendulo zemibuzo engezansi.
• Kungani kufanele silethembe iZwi likaJehova? (IHu. 29:4)
• Singawabona kanjani amandla eZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu? (IHu. 34:8)
• Ungalisebenzisa kanjani ngokugcwele iZwi likaNkulunkulu enkonzweni yakho? (2 Thim. 3:16, 17)
• Singakugwema kanjani ukuba yizisulu zamandla kaSathane akhohlisayo? (1 Joh. 5:19)
• Ungayithola kanjani impumelelo engokomoya njengosemusha? (Jer. 17:7)
• Singaba kanjani namandla ngisho sibuthaka? (2 Kor. 12:10)
• Yisiphi isihluthulelo sokuqhubeka senza izinguquko ngisho noma sinemikhuba nezimo zengqondo ezimbelwe ngokuqinile? (Efe. 4:23)
3. Ngaphandle kokulalela isimiso, iyiphi enye indlela esingazuza ngayo emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa?
3 Yeka indlela esiyozuza ngayo ngokuzwa la maphuzu abalulekile! Ngaphezu kwalokho, njengomhlangano wesifunda nowesigodi, lo mhlangano uyosinika amathuba okwanuleka sibe nobudlelwane nabafowethu nodadewethu bakwamanye amabandla. (IHu. 133:1-3; 2 Kor. 6:11-13) Ngakho, zinike isikhathi sokuxoxa nabangane obuvele unabo futhi wenze nabasha. Uma isikhulumi esivakashile njengombonisi wesigodi noma umzalwane waseBethel abelwe emhlanganweni wenu okhethekile, sebenzisa lelo thuba ukuze umamukele yena nomkakhe. Ngempela sinezizathu eziningi zokubheka phambili emhlanganweni okhethekile wosuku olulodwa ozayo!