Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 8/13 k. 4
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 8/13 k. 4

IZaziso

◼ Isipho senyanga sika-August: Hambisani incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! nanoma iyiphi enye incwajana ehanjiswa ensimini ibandla elingase libe nayo esitokweni. Ngo-September nango-October: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho nenza izimpindelo, hambisani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma, uma kufaneleka ngokwezimo zomuntu, nihambise incwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu! noma ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese nizama ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-November nango-December: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? noma Ungathanda Ukwazi Iqiniso? Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisani ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani ngencwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma ngencwajana ethi Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!

◼ Kusukela ngesonto lika-October 28, 2013, kuzofundwa incwajana ethi Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla? eSifundweni SeBhayibheli Sebandla. Ngemva kokuqeda le ncwajana, kuzofundwa incwadi ethi Sondela KuJehova kusukela ngesonto lika-January 6, 2014. Amabandla adinga lezi zincwadi kufanele azi-ode e-odeni lawo lezincwadi elilandelayo.

◼ Kusukela ngo-September, ababonisi besifunda bayonikeza inkulumo yeningi enesihloko esithi “Indlela Uthando Nokholo Olunqoba Ngayo Izwe.”

◼ Amabandla alandelayo athokozele ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso awo amasha. EGauteng: Soshanguve East. ELesotho: Maseru Ha Mabote. ENorth West: Ikageng West.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela