ISimiso Sesonto Lika-August 12
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 12
INgoma 112 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 13 ¶1-7 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 5-8 (10 imiz.)
No. 1: Roma 6:21–7:12 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kungani Amanye AmaKristu Eyiswa Ezulwini Ukuba Abe NoKristu?—rs k. 295 ¶7–k. 296 ¶1 (5 imiz.)
No. 3: Okwenza Ukubeka Kuqala Ukulondeka Ngokwezinto Ezibonakalayo Kunokuphishekela Izinto Ezingokomoya Kuholele Enhlekeleleni—Math. 6:33; 1 Thim. 6:10 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: “IZwi LikaNkulunkulu Linenzuzo Yokufundisa.” Imibuzo nezimpendulo. Yisho izinsuku zomhlangano wesifunda uma sezaziwa.
10 imiz: Indlela Uhlaka Olungasisiza Ngayo Ensimini. Ingxoxo esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, ikhasi 167, isigaba 1, kuya ekhasini 168, isigaba 1. Kusetshenziswa isipho senyanga, makube nomboniso wommemezeli okhuluma yedwa elungiselela intshumayelo yakhe engqondweni emizuzwini embalwa ngaphambi kokuba aye ensimini.
10 imiz: Yini Esiyifundayo? Ingxoxo. Makufundwe izEnzo 8:26-31. Xoxani ngokuthi lokhu kulandisa kungasisiza kanjani enkonzweni yethu yasensimini.
INgoma 61 Nomthandazo