Amazwibela Ombiko Wenkonzo
ENamibia bangu-2 004 abamemezeli ababika inkonzo yasensimini ngo-January 2013. Lokhu kuwukwanda ngamaphesenti ayisithupha uma kuqhathaniswa nesilinganiso sangonyaka odlule. Kubuye kwabikwa nokwanda kwamaphayona izikhathi eziyisithupha zilandelana eNamibia: angu-229! Izifundo zeBhayibheli ezingu-3 712 eziqhutshwe ngo-January zibonisa ukuthi usemningi umsebenzi okumelwe wenziwe kuleli zwe elinezilimi eziningi. Abamemezeli abaningi baseNamibia ababehlala kwamanye amazwe babuyele eNamibia futhi bathola imiphumela emihle kakhulu. Bakhona yini abamemezeli abengeziwe ‘abangawelela’ eNamibia bayosiza?—IzE. 16:9.