ISimiso Sesonto Lika-August 5
ISONTO ELIQALA NGO-AUGUST 5
INgoma 77 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 12 ¶20-25, nebhokisi ek. 151 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Roma 1-4 (10 imiz.)
No. 1: Roma 3:21–4:8 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Okwenza AmaKristu Eqiniso Azibheke “Njengabafokazi Nezakhamuzi Zesikhashana” Emhlabeni.—1 Pet. 2:11; 1 Joh. 2:15-17 (5 imiz.)
No. 3: Isiphi Isivikelo Esiyoba Khona NgamaKristu Eqiniso Phakathi Nosizi Olukhulu?—rs k. 295 ¶1-5 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-August. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaza ukuthi kungani omagazini beyobakhanga abantu ensimini yenu. Ngemva kwalokho, usebenzisa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele imibuzo evusa isithakazelo engabuzwa kanye nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nange-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi kulab’ omagazini. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Yini Esiyifundayo? Ingxoxo. Makufundwe uLuka 5:27-32. Cabangelani indlela la mavesi angasisiza ngayo enkonzweni.
INgoma 119 Nomthandazo