Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 6/13 k. 2
  • Amathuba Engeziwe Okudumisa UJehova

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Amathuba Engeziwe Okudumisa UJehova
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Hlela Manje Ukwandisa Inkonzo Yakho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Memezela Kabanzi Ubuhle BukaJehova
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Kufuneka Amaphayona Asizayo Angu-10000
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1997
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 6/13 k. 2

Amathuba Engeziwe Okudumisa UJehova

1. Iliphi ilungiselelo elizosisiza ukuba ‘simdumise kakhulu uJehova’?

1 Kulo March odlule, kuqale ilungiselelo elisha, elivulela abamemezeli ithuba lokuba amaphayona asizayo asebenzela umgomo wamahora angu-30 njalo ngo-March nango-April, nangenyanga yokuhambela kombonisi wesifunda. Uma ukuhambela kombonisi wesifunda kuqala ngasekupheleni kwenye inyanga kudlulele ekuqaleni kwelandelayo, abamemezeli abacela ukusebenzela umgomo wamahora angu-30 bangakhetha ukuba amaphayona asizayo nganoma iyiphi inyanga kulezi ezimbili. Wonke amaphayona asizayo angaba khona kuwo wonke umhlangano umbonisi wesifunda aba nawo namaphayona avamile nakhethekile. Lokhu kusho ukuthi uma singeke sakwazi ukusebenzela umgomo wamahora angu-50, sisengakwazi ‘ukumdumisa kakhulu uJehova’ njengamaphayona asizayo izikhathi ezine ngonyaka sisebenzela umgomo wamahora angu-30!—IHu. 109:30; 119:171.

2. Iliphi ithuba eliyotholwa yilabo abayobe bengamaphayona asizayo phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda?

2 Phakathi Nokuhambela Kombonisi Wesifunda: Manje abaningi sebezokwazi ukuba amaphayona asizayo phakathi nokuhambela kombonisi wesifunda futhi babe nethuba lokukhuthazana elitholakala ngokusebenza naye enkonzweni. (Roma 1:11, 12) Cishe iningi lamaphayona asizayo liyohlela ukucela usuku emsebenzini kulelo sonto ukuze lisebenze nombonisi wesifunda. Labo abasuke besemsebenzini wokuziphilisa phakathi nesonto, bangacela ukusebenza naye ngoMgqibelo noma ngeSonto. Ngaphezu kwalokho, yeka ukuthi kuyowakhuthaza kangakanani amaphayona asizayo ukuba khona emhlanganweni wamaphayona avamile nakhethekile!

3. Kungani inkathi yeSikhumbuzo iyisikhathi esihle kakhulu sokuba iphayona elisizayo?

3 Ngo-March Nango-April: Labo abebelisebenzisa ithuba lokuba amaphayona asizayo asebenzela umgomo wamahora angu-30 inyanga eyodwa ngenkathi yeSikhumbuzo, manje sebengawuphinda kabili ‘umhlatshelo wabo wokudumisa’! (Heb. 13:15) U-March no-April yizinyanga ezinhle kakhulu zokwandisa inkonzo yethu njengamaphayona asizayo. Unyaka ngamunye phakathi nalezo zinyanga, siba nengxenye emkhankasweni ojabulisayo wokumema abanye ukuba beze eSikhumbuzweni. Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi abaningi bandisa inkonzo yabo phakathi nenkathi yeSikhumbuzo, singakwazi ukusebenza nabamemezeli abahlukahlukene. Ngemva kweSikhumbuzo, silandelela isithakazelo esaboniswa yilabo ababekhona futhi sibakhuthaze ukuba beze enkulumweni ekhethekile. Ingabe inhliziyo yakho iyokushukumisela ukuba uwasebenzise kahle la mathuba engeziwe okuba iphayona elisizayo?—Luka 6:45.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela