Ingabe Uzimisele Ukuzivumelanisa Nezimo?
1. Izinguquko ezenzeka ezweni zenza kudingeke senze luphi ushintsho?
1 Kweyoku-1 Korinte 7:31, iBhayibheli lifanisa izwe nomdlalo waseshashalazini onezigcawu nabalingiswa abashintshashintshayo. Izinguquko ezenzeka ezweni zenza kudingeke ukuba ngezinye izikhathi senze ushintsho ezindleleni zethu zokushumayela, esimisweni sethu nasendleleni esethula ngayo isigijimi. Ingabe uzimisele ukuzivumelanisa nezimo?
2. Kungani kumelwe sizivumelanise nezimo ukuze sihambisane nenhlangano?
2 Izindlela Zakho Zokushumayela: Ibandla lobuKristu belilokhu lizivumelanisa nezimo. Lapho uJesu ethuma abafundi bakhe okokuqala, wabatshela ukuba bangaphathi sikhwama samphako noma semali. (Math. 10:9, 10) Nokho, kamuva wazishintsha lezo ziyalezo ecabangela inzondo ababesazobhekana nayo kanye nokwanda komsebenzi wokushumayela ufinyelele nakwamanye amasimu. (Luka 22:36) Eminyakeni eyikhulu edlule, inhlangano kaJehova iye yasebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokushumayela—ngokwesibonelo, amakhadi okufakaza, iziteshi zomsakazo nezimoto ezinemibhobho—ngokuvumelana nalokho okwakudingeka ngaleso sikhathi. Namuhla, njengoba ezindaweni eziningi sekuqabukela ukuthola abantu emakhaya, kuye kwagcizelelwa kakhulu ukuba senezele enkonzweni yethu yendlu ngendlu ngokufakaza obala nangokwethukela. Siye sakhuthazwa nokuba sishumayele endlini ngendlu kusihlwa uma kuwukuthi abantu basuke besemsebenzini emini. Lapho inqola kaJehova yasezulwini ishintsha umzila, ingabe uhambisana nayo?—Hez. 1:20, 21.
3. Ukuzivumelanisa nezimo kusisiza kanjani ukuba siphumelele kakhudlwana ensimini?
3 Intshumayelo Yakho: Yini ekhathaza abantu endaweni yangakini kulezi zinsuku? Ingabe ezomnotho? Ezomkhaya? Izimpi? Kuyasiza ukwazi ngezinkinga ezikhona nezimo ezivamile ensimini yethu ukuze silungiselele intshumayelo efanelekayo. (1 Kor. 9:20-23) Lapho abaninikhaya beveza okubakhathazayo, kunokubanikeza impendulo ekha phezulu futhi siqhubeke nentshumayelo esiyilungiselele, yeka indlela okungcono ngayo ukuba sizivumelanise nezimo futhi sixoxe ngokubakhathazayo.
4. Kungani kufanele sisheshe ukuzivumelanisa nezimo?
4 Akusensuku zatshwala “isigcawu” sokugcina saleli zwe siphele bese kuqala usizi olukhulu. “Isikhathi esesisele sinciphile.” (1 Kor. 7:29) Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba sizivumelanise nezimo ngaphandle kokulibala, ukuze sifeze okuningi kulesi sikhathi esincane esisele!