ISimiso Sesonto Lika-June 10
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 10
INgoma 114 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 10 ¶14-19 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa KweBhayibheli: IzEnzo 1-4 (10 imiz.)
No. 1: IzEnzo 1:15–2:4 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Iziphi Izibusiso Zesikhathi Esizayo Eziyojatshulelwa Ngenxa Yesihlengo?—rs k. 132 ¶4–k. 133 ¶3 (5 imiz.)
No. 3: Kungani Ukucabanga Kwabantu Abaningi Kungafaniswa Nomoya Onobuthi?—Efe. 2:1, 2 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Ukubaluleka Kokubheka Izilaleli. Inkulumo esekelwe encwadini ethi ISikole Senkonzo, ikhasi 124, isigaba 1 kuya ekhasini 125, isigaba 4. Makube nomboniso omfushane obonisa ummemezeli ongambheki umuntu akhuluma naye lapho enikeza ubufakazi. Mawuphindwe lo mboniso, manje ummemezeli esembheka umuntu akhuluma naye.
10 imiz: Yini Esiyifezile? Ingxoxo esingathwa unobhala. Yisho okwafezwa phakathi nenkathi yeSikhumbuzo bese uncoma ibandla ngomsebenzi walo. Cela izilaleli zilandise okuhlangenwe nakho okuhle ezaba nakho lapho zisakaza izimemo zeSikhumbuzo noma lapho zikhonza njengamaphayona asizayo.
10 imiz: “Ingabe Uzimisele Ukuzivumelanisa Nezimo?” Imibuzo nezimpendulo.
INgoma 74 Nomthandazo