ISimiso Sesonto Lika-May 6
ISONTO ELIQALA NGO-MAY 6
INgoma 26 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 9 ¶1-7 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Johane 1-4 (10 imiz.)
No. 1: Johane 3:22-36 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Kusho Ukuthini Ngempela ‘Ukuhamba Ngomoya’?—Gal. 5:16 (5 imiz.)
No. 3: Ukufa KukaJesu Kwakuhluke Kanjani Kokwabanye Abaye Baba Abafel’ ukholo?—rs k. 128 ¶5–k. 129 ¶3 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Izindlela Zokuhambisa Omagazini Ngo-May. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaza ukuthi kungani omagazini beyobakhanga abantu ensimini yenu. Ngemva kwalokho, usebenzisa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele imibuzo evusa isithakazelo engabuzwa kanye nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nange-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi kulab’ omagazini. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Ngaphandle Kokuba UJehova Ngokwakhe Eyakha Indlu, Akusizi Ngalutho Ukuthi Abakhi Bayo Basebenzé Kanzima Kuyo. (IHu. 127:1) Ingxoxo esekelwe e-Ncwadini Yonyaka Ka-2013, ikhasi 149 isigaba 2, kuya ekhasini 151 isigaba 2. Cela izilaleli zisho izifundo ezizitholile.
INgoma 47 Nomthandazo