IZaziso
◼ Isipho sika-April: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho nenza izimpindelo, yethulani incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezidingo zomuntu, kube incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese nizama ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-May nango-June: Hambisani ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? nanoma iliphi elinye ipheshana ibandla elinalo esitokweni. Lapho kuboniswe khona isithakazelo, bonisa ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani usebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade.
◼ Isimiso somhlangano sesonto elandulela umhlangano wesigodi singase sishintshwe ukuze kubukezwe iseluleko nezikhumbuzo okwaxoxwa ngazo ngesonto eliqala ngo-April 22. Ngemva kwenyanga eyodwa noma ezimbili kudlule umhlangano, ingxenye yezidingo zebandla ingasetshenziselwa ukubukeza amaphuzu omhlangano abamemezeli abawathole ewusizo enkonzweni.
◼ Uma uhlela uhambo oluhlanganisa nokuya emhlanganweni wesigodi kwelinye izwe, uyothola imininingwane ewusizo engosini ethi www.jw.org/zu ngokuchofoza ingxenye ethi “Mayelana Nathi” bese uvula kwethi “Imihlangano Emikhulu.”
◼ Nizojabula ukwazi ukuthi njengamanje ensimini yegatsha lethu kunamabandla angu-2 200 namaqembu abamemezeli angu-53. Kulawa, angu-1 975 asebenzisa ingosi yethu ethi www.jw.org ukuze athumele imibiko, a-ode izincwadi futhi akopishe izinto zebandla. Sifisa ukuwancoma wonke amabandla asebenzisa le ngosi. Lokhu kongela igatsha isikhathi esiningi, kunciphise nomsebenzi kuphinde kuzuzise amabandla asebenzisa le ngosi. Noma kunjalo, kusenamabandla angu-278 angakayisebenzisi le ngosi. Sicela ukuba lawo mabandla aqale ukuyisebenzisa ngokushesha ngangokunokwenzeka. Sicela nithinte ihhovisi legatsha uma nidinga usizo kulokhu.
◼ Siyajabula ukunazisa ukuthi amabandla angu-12 ajabulele ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso amasha. E-Eastern Cape: IMlungisi, iHlankomo neNomlacu. EGauteng: ILotus Gardens, iMayfield, iRefengkhotso, iSunrise neTsakane East. KwaZulu-Natal: IMevamhlophe. ELimpopo: IDzumeri. ESwazini: ElaseKupheleni. EWestern Cape: IGuguletu West.