ISimiso Sesonto Lika-April 1
ISONTO ELIQALA NGO-APRIL 1
INgoma 38 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 7 ¶7-13 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Luka 7-9 (10 imiz.)
No. 1: Luka 7:18-35 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Isiphi Isizwe Esisha Esaba Khona NgePhentekoste Futhi Ngayiphi Injongo?—Gal. 6:16; 1 Pet. 2:9 (5 imiz.)
No. 3: UKhayini Wamtholaphi Umkakhe?—i-w10 9/1 k. 25 ilungisa lokho okukuyi-rs k. 172 ¶5–k. 173 ¶1 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
10 imiz: Amacebiso Okuhambisa Omagazini Ngo-April. Ingxoxo. Sebenzisa imizuzwana engu-30 kuya kwengu-60 uchaze ukuthi kungani omagazini bezobakhanga abantu ensimini yenu. Ngemva kwalokho, usebenzisa isihloko esisesembozweni se-Nqabayokulinda, cela izilaleli zisikisele imibuzo evusa isithakazelo engabuzwa kanye nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nange-Phaphama!, kanti uma isikhathi sivuma, khulumela nesinye isihloko kunoma imuphi walabo magazini. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Isebenzise Ngokunenzuzo INcwadi Yonyaka Ka-2013. Ingxoxo. Bukeza “Incwadi Evela ENdikimbeni Ebusayo.” Hlela kusengaphambili ukuba abathile balandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo abakuthole e-Ncwadini Yonyaka. Cela izilaleli ziphawule ngezici ezivelele zombiko womhlaba wonke. Phetha ngokubakhuthaza bonke ukuba bayifunde bayiqede INcwadi Yonyaka.
INgoma 75 Nomthandazo