Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 3/13 k. 8
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
km 3/13 k. 8

IZaziso

◼ Isipho sika-March no-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho nenza izimpindelo, ningahambisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma, uma kufaneleka kakhudlwana ngokwezidingo zomninikhaya, ningahambisa incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, bese nizama ukuqala isifundo seBhayibheli. Ngo-May nango-June: Hambisani ipheshana elithi Ungathanda Yini Ukwazi Iqiniso? nanoma iliphi elinye ipheshana okungenzeka ibandla linalo esitokweni. Uma okhuluma naye enesithakazelo, mbonise ukuthi isifundo seBhayibheli siqhutshwa kanjani usebenzisa incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade.

◼ ISikhumbuzo siyoba ngoLwesibili, ngo-March 26, 2013. Uma ibandla lenu livame ukuba nomhlangano ngoLwesibili, kungahlelwa ukuba uqhutshwe ngolunye usuku phakathi nesonto uma iHholo LoMbuso litholakala. Uma uMhlangano Wenkonzo ungeke ube khona, umxhumanisi wendikimba yabadala angase enze ushintsho esimisweni ukuze izingxenye ezisebenza ngokukhethekile ebandleni zicatshangelwe phakathi naleyo nyanga. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda kufanele ahlele ukuba imihlangano evame ukuba ngoLwesibili iqhutshwe ngolunye usuku phakathi nesonto lokuhanjelwa. Abadala kufanele bahlele ukuhambela bonke abamemezeli abapholile njengoba kuboniswe encwadini ka-May 23, 2010, eyayibhalelwe zonke izindikimba zabadala.

◼ Amabandla amathathu ajabulela ukunikezelwa kwamaHholo OMbuso awo kuJehova. E-Eastern Cape: Elase-Ethembeni nelaseFair Field. EGauteng: ElaseNorthcliff.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela