Izintshumayelo Ezisikiselwe
Zomkhankaso Wesimemo SeSikhumbuzo
“Silethele umkhaya wakho lesi simemo sesenzakalo esibalulekile saminyaka yonke esizobe sigujwa emhlabeni wonke ngo-March 26. Lolo suku luyisikhumbuzo sokufa kukaJesu. Kuyonikezwa inkulumo yeBhayibheli yamahhala echaza indlela esizuza ngayo ngokufa kwakhe. Isimemo sibonisa indawo nesikhathi lo mkhosi oyobanjelwa kuyo kule ndawo yakithi.”
INqabayokulinda March 1
“Abanye baye babuza lo mbuzo, ‘Siqiniseka kanjani ngokuthi uJesu wavuswa ngempela?’ Wena wake wazibuza ngalokho? [Lindela impendulo.] Phawula ukuthi kungani impendulo yalokho ibalulekile. [Funda eyoku-1 Korinte 15:14.] Lo magazini uyachaza ukuthi sazi kanjani ukuthi uvuko lwalungeyona inkohliso.”
Phaphama! March
“Uyavuma yini ukuthi lesi akusona isikhathi esilula sokukhulisa izingane? [Lindela impendulo.] Abazali abaningi baye bathola amacebiso amahle eBhayibhelini. Ngokwesibonelo, leli vesi liye lasiza obaba ukuba babheke amathuba okutusa izingane zabo nokwakha ukuzethemba kuzo. [Funda eyabaseKolose 3:21.] Lesi sihloko sinikeza izimiso ezinhlanu eziyisisekelo zokusiza obaba.”