ISimiso Sesonto Lika-December 24
ISONTO ELIQALA NGO-DECEMBER 24
INgoma 5 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
jr isahl. 3 ¶1-6 (30 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini:
Ukufundwa kweBhayibheli: Zakariya 9-14 (10 imiz.)
No. 1: Zakariya 11:1-13 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Imithandazo Yobani UNkulunkulu Azimisele Ukuyizwa?—rs k. 390 ¶7–k. 391 ¶6 (5 imiz.)
No. 3: Iziphi Izimo Esingase Sisebenzise Kuzo IzAga 15:1? (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
30 imiz: Indlela Esingayisebenzisa Ngayo Ngokunenzuzo Ingosi Yethu Esemthethweni. Ingxoxo esemakhasini 3-6. Lapho nixoxa ngekhasi 4, makube nomboniso wemizuzu emithathu womkhaya ophetha UkuKhulekela Komkhaya kwakusihlwa. Inhloko yomkhaya icela ukusikisela ngezinto okungaxoxwa ngazo ngesonto elilandelayo, futhi izingane zikhetha izinto ezingathanda kuxoxwe ngazo engxenyeni ethi “Intsha,” engosini. Cela izilaleli zisho ukuthi ziyisebenzise kanjani ingosi ethi jw.org, noma ukuthi zihlela ukuyisebenzisa kanjani esifundweni somuntu siqu nesomkhaya. Lapho nixoxa ngekhasi 5, makube nomboniso wemizuzu emithathu wommemezeli osebenzisa ingosi ngomakhalekhukhwini ukuze aphendule umbuzo womninikhaya ophathelene nezinkolelo zethu. Lapho nixoxa ngekhasi 6, makube nomboniso wemizuzu emine wommemezeli oxoxa nomuntu onesithakazelo okhetha ukufunda ngolimi oluhlukile. Ummemezeli usebenzisa umakhalekhukhwini wakhe noma i-computer yomninikhaya ukuze avule ikhasi elibonisa ipheshana elithi Ukwazi Iqiniso noma incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli ngolimi lomninikhaya, bese bexoxa ngalo. Cela izilaleli zisho ukuthi ziyisebenzise kanjani ingosi ethi jw.org enkonzweni.
INgoma 101 Nomthandazo