Young People Ask—What Will I Do With My Life? (Ingxenye 1)
Njengoba intsha ikhulela ebudaleni, kumelwe yenze izinqumo ezibalulekile. Ukuze isizwe, kuye kwalungiselelwa i-video ethi Young People Ask—What Will I Do With My Life? Lapho usuyifakile emshinini wokuyidlala, chofoza ingxenye ethi Play Drama, bese ubona ukuthi ungayiphendula yini imibuzo esesigabeni 2. Ngemva kwalokho, chofoza ingxenye ethi Interviews, bese ukhetha ethi Looking Back, yibe usuzama ukuphendula imibuzo esesigabeni 3.
IDrama: (1) Isimo sikaThimothewu sasifana ngaziphi izindlela nesentsha eningi engamaKristu namuhla? (2) U-Andre wacindezelwa kanjani ukuba abe umpetha kwezemidlalo? (3) Yini uMzalwan’ uFleissig ayisho ku-Andre (a) ngokuzinikela kuJehova nakwezemidlalo ngesikhathi esifanayo? (Math. 6:24) (b) ngomthombo wenjabulo yangempela? (c) ngalokho isitsha sakhe sokudla sasekamu lokuhlushwa esasimkhumbuza kona? (d) ngabantu abami naye nomkakhe esithombeni? (e) ngokuthi wayezisola yini ngokudela amaphupho akhe? (Fil. 3:8) (4) Ugogo ka-Andre wawuphendula kanjani umbuzo wakhe othi, “Akulungile yini uma ngifuna ukuba isihlabani kwezokugijima?” (Luka 4:5-7) (5) Ingabe ukunqoba emncintiswaneni wokugijima kwamlethela ukwaneliseka kwangempela u-Andre? (6) Yini ekuhlabe umxhwele ngencwadi umzalwan’ uFleissig ayibhalela u-Andre ngaphambi nje kokuba ashone? (IzAga 10:22) (7) Yini umzalwan’ uFleissig asiza u-Andre ukuba ayithole?
Ukuhlaziya Okwenzeka: (8) Iziphi izinto omunye umzalwane nodade ababeziphishekela futhi ngani? (9) Base bephumelele kangakanani kuzo? (10) Izinto zaguquka nini ekuphileni kwabo ngabanye? (2 Kor. 5:15) (11) Imiphi imisebenzi engokwasezulwini abayenza esikhundleni semisebenzi yokuqala futhi kungani babenomuzwa wokuthi abanakukuphishekela kokubili? (12) Ingabe bazisola ngokushintsha imigomo yabo ekuphileni? (13) Yini abayisho ekusize ngokukhethekile ukuba ucabange ngalokho okufanele ukwenze ngokuphila kwakho?
Sicela ubukele ingxenye ethi interviews nethi supplementary material, futhi ukulungele ukunikeza izimpendulo ngazo eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto elizayo.