Ushintsho Emihlanganweni Yaphakathi Nesonto
Kusukela ngesonto eliqala ngo-September 3, iSifundo SeBhayibheli Sebandla sizonwetshwa sisuka emizuzwini engu-25 siye kwengu-30. Esethulweni sakhe, umqhubi kufanele asebenzise umzuzu owodwa abukeze lokho okufundwe ngesonto eledlule. Isikhathi soMhlangano Wenkonzo sizoncishiswa sibe imizuzu engu-30 sisuka kwengu-35. Ngeke isaba khona ingxenye yezaziso. Kunalokho, noma iziphi izaziso kufanele zibe senkulumweni yokuqala esimisweni. Ezimweni eziningi, kuyoba nezaziso ezimbalwa, uma zikhona, futhi asikho isidingo sokusho izinkulumo ezizolandela. Akufanele kwenziwe izaziso eziphathelene nenkonzo yasensimini nesimiso sokuhlanza ihholo kuhlanganise nemikhonzo. (km 10/08 k. 1, isig. 4) Uma kuzoba nesaziso eside, kuyoba usizo uma labo abanezingxenye betshelwa kusengaphambili ngaso ukuze banciphise izinkulumo zabo.