Ukubukezwa KweSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Imibuzo elandelayo izocatshangelwa eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini ngesonto eliqala ngo-August 27, 2012. Kufakwe nosuku okuyoxoxwa ngalo ngephuzu ngalinye.
1. Ufanekiselani umbono kaHezekeli ophathelene noJuda oyisihlubuki, futhi usifundisa siphi isifundo esibalulekile? (Hez. 8:15-17) [July 2, w07 7/1 k. 13 isig. 6; w93 1/15 kk. 27-28 izig. 7, 12]
2. Abaholi benkolo abaningi babalingisa ngayiphi indlela abaprofethi bamanga bosuku lukaHezekeli? (Hez. 13:3, 7) [July 9, w99 10/1 k. 13 izig.14-15]
3. Esiprofethweni esikuHezekeli 17:22-24, ubani oyihlumela “elithambile,” iyini ‘intaba ende ephakeme’ atshalwa kuyo, futhi uyoba “umsedari omkhulu ngokubabazekayo” ngayiphi indlela? [July 16, w07 7/1 kk. 12-13 isig. 6]
4. Ngokwesisho esiyisaga okukhulunywa ngaso kuHezekeli 18:2, izithunjwa ezazikanye noHezekeli zazisola bani ngokuhlupheka kwazo, futhi isiphi isifundo esibalulekile esingasifunda kulokhu kulandisa? [July 23, w88 9/15 k. 18 isig. 10]
5. Isenzakalo esilotshwe kuHezekeli 21:18-22 sibonisa kanjani ukuthi abantu noma amademoni abakwazi ukushintsha injongo kaJehova? [July 30, w07 7/1 k. 14 isig. 4]
6. Njengoba kulotshwe kuHezekeli 24:6, 11, 12, ukugqwala kwembiza yokupheka kufanekiselani, futhi isiphi isimiso esisithola evesini 14? [Aug. 6, w07 7/1 k. 14 isig. 2]
7. Sagcwaliseka kanjani isiprofetho ngokumelene nomuzi waseThire? [Aug. 6, it-1-E k. 70, ibhokisi; si k. 133 isig. 4]
8. Imaphi amazwi alotshwe kuHezekeli 28:2, 12-17 asebenza enkosini yaseThire nasembukeni lokuqala, uSathane? [Aug. 13, w05 10/15 kk. 23-24 izig. 10-14; it-2-E k. 604 izig. 4-5]
9. IGibhithe laba nini incithakalo iminyaka engu-40, futhi yini esenza sikholelwe ukuthi incithakalo enjalo yenzeka? (Hez. 29:8-12) [Aug. 13, w07 8/1 k. 8 isig. 5]
10. UHezekeli wabhekana kanjani nokunganakwa, ukuhlekwa usulu nokungasabeli kwabantu, futhi uJehova wamqinisekisa ngani? (Hez. 33:31-33) [Aug. 20, w91 3/15 k. 17 izig. 16-17]