IZaziso
◼ Isipho sango-June: Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Ngo-July nango-August: Incwajana ethi Ungaba Umngane KaNkulunkulu nethi Indlela Eya Ekuphileni Okuphakade—Ingabe Usuyitholile? nanoma iyiphi enye incwajana engase ihanjiswe ensimini ibandla elinayo esitokweni. Ngo-September nango-October: INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho wenza izimpindelo yethula incwadi ethi Okufundiswa IBhayibheli noma, yethula incwajana ethi Lalela UNkulunkulu Uphile Phakade, kuye ngezidingo zomuntu.
◼ Kuzoxoxwa nge-DVD ethi Our Whole Association of Brothers eMhlanganweni Wenkonzo olandelayo. Uma niyidinga le DVD, sicela niyi-ode ngebandla.
◼ Amabandla ahlanganyela emkhankasweni wensimu engabelwe ngo-2012 kufanele abuyisele imibiko yawo i-Unassigned Territory Assignment (S-63) ehhovisi legatsha, kanye nokuhlangenwe nakho okuthakazelisayo namabalazwe ensimu engakadluli u-July 15, 2012.
◼ Abadala namaphayona abazimisele ukufunda uLimi Lwezandla LwaseNingizimu Afrika, badingeka ngokushesha kulezi zindawo: Ezingxenyeni zeKapa ezisemadolobheni angaseNyakatho naseKhayelitsha, eGeorge, ePort Elizabeth nase-East London. Kwezinye zalezi zindawo kuyoba inzuzo uma lezi zikhonzi zokuzithandela kungabafowethu abakhuluma isiXhosa. Sicela ubhalele uMnyango Wenkonzo uma ungase ukwazi ukusiza.