ISimiso Sesonto Lika-June 4
ISONTO ELIQALA NGO-JUNE 4
INgoma 103 Nomthandazo
□ ISifundo SeBhayibheli Sebandla:
bt isahl. 21 ¶14-22 (25 imiz.)
□ ISikole Senkonzo Esingokwasezulwni:
Ukufundwa kweBhayibheli: Jeremiya 51-52 (10 imiz.)
No. 1: Jeremiya 52:17-27 (4 imiz. noma ngaphansi)
No. 2: Ingabe Kuyafaneleka Ukuqondisa Imithandazo KuMariya Njengomkhulumeli?—rs k. 353 ¶2-4 (5 imiz.)
No. 3: Abantu Bangangena Kanjani “Endaweni Esithekile” KaJehova?—IHu. 91:1, 2, 9 (5 imiz.)
□ UMhlangano Wenkonzo:
5 imiz: Izaziso.
10 imiz: Indlela Yokufinyelela Inhliziyo—Ingxenye 2. Ingxoxo esekelwe kwethi ISikole Senkonzo, ikhasi 261, isigaba 2, kuya ekupheleni kwekhasi 262.
10 imiz: Izidingo zebandla.
10 imiz: Izindlela Ezisikiselwe Zokuhambisa Omagazini Ngo-June. Ingxoxo. Sebenzisa umzuzu noma emibili uphawule izihloko ezimbalwa ezingakhanga ensimini yebandla. Ngemva kwalokho, usebenzisa izihloko ze-Nqabayokulinda eziwuchungechunge, cela izilaleli zisikisele umbuzo ovusa isithakazelo ongase ubuzwe, zisikisele nomBhalo ongafundwa. Yenza okufanayo nangezihloko ze-Phaphama!, futhi uma isikhathi sivuma ninganezela nesinye isihloko kunoma yimuphi kulabo magazini. Makube nomboniso wokuthi umagazini ngamunye ungahanjiswa kanjani.
INgoma 61 Nomthandazo