Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/11 k. 4
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2015
  • Izintshumayelo Ezisikiselwe
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2011
km 12/11 k. 4

Izintshumayelo Ezisikiselwe

Zokuqala Izifundo ZeBhayibheli NgoMgqibelo Wokuqala Ku-January

“Abanye abantu bakholelwa ukuthi iBhayibheli liyincwadi yesiprofetho enokwethenjelwa. Abanye banomuzwa wokuthi liqukethe izibikezelo eziyize ezingahunyushwa ngezindlela eziningi ezihlukahlukene. Wena uyini umbono wakho?” Lindela impendulo. Ngemva kwalokho nikeza umninikhaya INqabayokulinda ka-January 1, bese nixoxa ngendaba engaphansi kwesihlokwana esisekhasini 16 kanye nomBhalo owodwa okungenani. Mnikeze omagazini, bese wenza izinhlelo zokubuya nizoxoxa ngombuzo olandelayo.

INqabayokulinda January 1

“Kuningi esingakufunda emadodeni nabesifazane abavelele basendulo. Awuvumi? [Lindela impendulo.] Leli vesi likhuluma ngenye yalawo madoda avelele, okuwukuphela kwayo eBhayibhelini ebizwa ngokuthi ‘umngane kaNkulunkulu.’ [Funda uJakobe 2:23.] Lo magazini uyachaza ukuthi kungani uNkulunkulu ayibheka njengomngane wakhe, futhi ukhuluma nangalokho esingakufunda esibonelweni sika-Abrahama.”

Phaphama! January

“Ukufumbathisa, ukugwazela nezinye izindlela zokungathembeki sekwande kakhulu kwezamabhizinisi. Abanye banomuzwa wokuthi ukungathembeki ngezinga elithile ebhizinisini kudingekile ukuze uphumelele. Wena uthini? [Lindela impendulo.] Phawula lesi saga esishukumisa ingqondo. [Funda izAga 20:17.] Lo magazini uyachaza ukuthi kungani ukuba qotho kuzuzisa.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela