Amazwibela Ombiko Wenkonzo
Kube nentuthuko enhle enkonzweni ngo-July 2011. Kujabulisa ngokukhethekile ukubona ukwanda kwenani lezifundo zeBhayibheli. Abamemezeli abangu-2 917 eSwazini bafinyelela inani elisha lezifundo zeBhayibheli ezingu-4 419, kanti eNamibia abamemezeli abangu-1 816 babike inani elisha lezifundo zeBhayibheli ezingu-3 587. Abamemezeli abengeziwe, kuhlanganise nabancane bangena ezinhlwini zamaphayona avamile naphezu kwezimo zomnotho eziya ziba zimbi. Qhubekelani phambili ngentshiseko emsebenzini wenu wokumemezela uMbuso kaJehova njengowukuphela kwethemba lesintu!